Amanothi Kathisha Ibanga 4-9
Amanothi Kathisha Ibanga 4-9
Amanothi Kathisha Ibanga 4-9
UMLAZI DISTRICT
IBHUKWANA LIKATHISHA
ISIZULU
ULIMI LWASEKHAYA
&
ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA
AMABANGA 4 – 9
OKUQUKETHWE
ISIHLOKWANA IKHASI
1. Inhlosongqangi yaleli bhukwana 3
2. Ukusetshenziswa kweNqubomgomo (CAPS document) 4-5
3. Ifayela likathisa (Teacher’s file) 5-6
4. Uhlelo lokufundisa 6-
5. Isikhathi esabelwe amakhono 7
6. Indlela yokufundisa amakhono olimi 8-10
7. AmaLungiselelo esiFundo (Lesson Plan) 11-12
8. Imisebenzi yabafundi yokuzilolonga (Classwork & Homework) 13-17
9. Uhlelo lokuhlola (Programme of Assessment) 17-18
10. Imisebenzi yokuhlola (Assessment activities) 18-19
11. Ukucubungula (Moderation) 19
12. Uhlu Lwamamaki (Record Sheet) 19-20
13. Amathuba angeziwe 20-21
14. Izincwadi zabafundi (Textbooks) 21-23
15. Amathempulethi 24-28
15.1 Amalungiselelo Esifundo
15.2 Uhlelo Lokubuyisa Isikhathi Esilahlekile
15.3 Uhlelo Lokusiza Abafundi Abanezingqinanba
15.4 Uhlelo Lokuthuthukisa Isifundo
2
1. INHLOSONGQANGI YALELI BHUKWANA
Leli bhukwana lihlose ukuhlomisa uthisa wesiZulu ngalokho okulindeleke kuyena kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni konyaka. Linikeza indlela
okumele ihanjwe nguthisha kusukela abelwa umsebenzi wokufundisa isiZulu kuze kube ushicilela imaki lokugcina lomfundi ekupheleni konyaka imaki
Sifisa ukukugcizelela ukuthi leli bhukwana liwumhlahlandlela nje. Kungenzeka kube khona okunye isikole ngasinye esingafisa uthisha akwengeze.
Lokho kuyokwamukeleka uma nje kungaqophisani naleli bhukwana, futhi kuhambisana neNqubomgomo yesiFundo (Subject Policy Document). Kanjalo
futhi uma uMnyango wezeMfundo ezingeni lesiFundazwe kumbe likaZwelonke ushintsha noma wengeza okuthile okuthile kokushiwo yileli bhukwana,
lolo shintsho luyokwamukeleka.
Siyethemba ukuthi leli bhukwana lizoba wusizo kothisha abafundisa isiZulu kusukela kwizinga le- GET, (Amabanga 4 -9).
3
INqubomgomo iyona yokuqala kuzona zonke izinto uthisha okumele abe nazo. Ngesikhathi uthisha aziswa yi- Departmental Head ukuthi nguye
ozofundisa leso sifundo kumele athole kumbe acele iNqubumgomo yaso. Uma efundisa kumbe ehlola ngaphandle kwayo, usuke ezinhlanhlathela nje,
efunza abafundi ushevu.
INqubomgomo iyona eyisilabhasi kazwelonke yaleso sifundo kulelo nalelo bangabanga. Uma uthisha efundisa elandela yona ukhiqiza abafundi
abasezingeni likazwelonke kuleso sifundo. Lokhu kusho ukuthi noma abafundi bakhe banganikezwa iphepha elisethwe laba sezingeni likaZwelonke
(njengakwaMatikuletsheni), abafundi bakhe bangakwazi ukubhekana nalo.
Ziningi izinto eziwumgomo (policy) esizitshelwa yiNqubomgomo okumele uthisha azazi. Bheka ithebula elingezansi:
i. Ukumodereytha 4.6
4
QAPHELA: Kuyimpoqo ukusebenzisa iNqubomgomo. Akekho umuntu onelungelo lokuthi athi kumele ishaywe indiva. Uthisha ongayisebenzisi
uyefana nosuke ezakhela eyakhe ikharikhulami ephikisana nale kahulumeni naqashelwe ukuthi ayidlulisele kubafundi. Lokhu kufana ncimishi
nokuvukela umbuso. (treason)
(Ekupheleni konyaka kumele iNqubomgomo iphindiselwe kwi- DH kumbe kubaphathi besikole (SMT) ukuzi igcinelwe ukusetshenziswa ngonyaka
olandelayo)
3.1. Uthisha kumele abe nefayela eliwubufakazi (portfolio of evidence) bokuthi ukufunda nokufundisa
kanjalo nokuhlola kuyenzeka futhi kwenzeka ngendlela esifundweni sakhe.
5
3.2. Ifayela yilona elikhumela uthisha uma yena engekho. Kungumsebenzi kathisha ukugcina ifayela lakhe lisesimweni esilindelekile ngaso sonke
isikhathi. Ifayela likathisha lihlala esikoleni futhi kufanele litholakale njalo uma lidingeka.
6
5. ISIKHATHI ESABELWE AMAKHONO (Isigaba esiphakathi nendawo)
IKHONO ISIKHATHI
Ukulalela nokukhuluma Amahora ama-2
Ukufunda nokubukela Amahora ama-5
Ukubhala nokwethula Amahora ama-4
Izakhiwo nezimiso zolimi Ihora eli-1
Isigaba esiphakeme
IKHONO ISIKHATHI
Ukulalela nokukhuluma Amahora ama-2
Ukufunda nokubukela Amahora ama-3 nemizuzu engama-30
(ihora eli-1 imizuzu engama-45 yesifundo
sokuqondisisa nehora eli-
1 imizuzu engama-45 yemibhalo yobuciko)
Ukubhala nokwethula Amahora ama-3 nemizuzu engama-30
Izakhiwo nezimiso zolimi Ihora eli-1
Qaphela ukuthi amakhono alandelana njengoba ebekiwe kuNqubomgomo (CAPS)
7
AKE SIBHEKE INQUBO YEKHONO NGALINYE:
6. INDLELA YOKUFUNDISA AMAKHONO
6.1 UKULALELA NOKUKHULUMA
6.1.1 Ngaphambi kokulalela
6.1.2 Ngesikhathi sokulalela
6.1.3 Ngemuva kokulalela
6.2 UKUFUNDA NOKUBUKELA
6.2.1 Ngaphambi kokufunda
6.2.2 Ngesikhathi sokufunda
6.2.3 Ngemuva kokufunda
6.3 UKUBHALA NOKWETHULA
6.3.1 Ngaphambi kokubhala (ukuhlela)
6.3.2 Ukubhala uhlaka
6.3.3 Ukubuyekeza uhlaka
6.3.4 Ukufunda ngokuqaphelisisa
6.3.5 Ukulungisa amaphutha
6.3.6 Ukwethula umkhiqizo wokugcina
IZINHLOBO ZEMIBHALO
Bheka ibhukwana lezinhlobo zamatheksthi abhalwayo.
6.4 IZAKHIWO NEZIMISO ZOLIMI
Izakhiwo nezimiso zolimi (zifundiswa zididiyelwe kwamanye amakhono olimi)
8
6.4.1 UKUDIDIYELA IZAKHIWO NEZIMISO ZOLIMI
6.4.1.1 I-CAPS igcizelela ukuthi abafundi abanikwe amathuba amaningi lokuthi balusebenzise ulimi (communicative approach)
6.4.1.2 Uma befundiswa akungagxilwa kakhulu ekutheni ulimi lwakheke kanjani kodwa ekutheni lwakha muphi umqondo kumbe lenza muphi
umsebenzi enkulumweni.
6.4.1.3 Abanikwe ithuba lokululalela, balukhulume, balufunde baphinde balubhale ezimweni ezahlukene.
6.4.1.4 Abafundiswe umahluko ekusebenziseni ulimi ezimweni ezingefani. Isib emshadweni kanye nasemngcwabeni.
6.4.1.5 Izakhiwo nezimiso nakuba ziyikhono elizimele, kodwa zifundiswa zididiyelwe kula makhono angenhla.
6.4.1.6 Endabeni ebikade ilalelwe kumbe ifundwa kumbe ibhalwa, kuzobhekwa kuyo izakhiwo nezimiso zolimi ezikhona okungaba izingcezu
zenkulumo, izimpawu zokuloba, omqondophika, izifengqo njalo njalo.
6.4.1.7 Ake sibheke ukuthi ulimi lungadidiyelwa kanjani kwamanye amakhono.
Uma lezi zilwane sezidlula kuye unogwaja, wabiza ingulube wathi, “Heyi, wengulube! Kukhona into
ebalulekile engifuna ukukutshela yona.” Nempela yama ingulube. Kodwa unogwaja kwakungekho afuna
ukukutshela ingulube. Kuphela nje wathi ubefuna ukumtshela ukuthi libalele ilanga.
Yahambe-ke ingulube, yaphindela embuzini. Yabuza imbuzi ukuthi ubethini unogwaja. Yathi ingulube,
“Unogwaja ubedlala ngami nje. Akashongo lutho.”
“Oh!” Kusho imbuzi, “Ungenza isilima, benihleba ngami” Zalwa zodwa manje izilwane. Wahleka yedwa
unogwaja. Isu lakhe liphumelele.
9
Imibuzo (ehlose ukubona ukuthi bayiqondile yini inganekwane ebebeyifunda)
a. Zingaki izilwane ezikule nganekwane?
b. Tomula amagama akhombisa ukuthi kwakushisa ngalolu suku.
c. Yisiphi isizathu esenza unogwaja acasuke?
d. Ngabe ukuziphatha kwengulube nembuzi kwamukelekile yini?
e. Ukube wawungunogwaja, wawuzokwenzenjani uma ingulube nembuzi bekuhleka ungenzanga lutho?
10
Uthisha kumele enze amalungiselelo (awabhale phansi) ngaphambi kokungena ekilasini athule isifundo.
Amalungiselelo esifundo abhalwe phansi awubufakazi bokuthi uthisha uzofundisa kumbe ufundisile.
Ayasiza futhi ngokuthi uma uthisha ehlangabezana nenkinga, angabe esakwazi ukungena ekilasini, loyo ongase ambambele uzokwazi ukuthi
yini ebizokwenziwa ekilasini.
Amalungiselo esifundo kumele ethulwe kwiNhloko yomNyango ngaphambi kokwethulwa kwesifundo.
Ngokwe-CAPS amalungiselelo esifundo kumele kube awomjikelezo wamasonto amabili. (Ngamanye amazwi umjikelezo wamasonto amabili
uyisifundo esisodwa)
11
Ake sibheke isibonelo sohlaka lwamalungiselelo esifundo esingasekugcineni kwaleli bhukwana.
Lena yimisebenzi yokuhlola ukuthi abafundi bayakuqonda yini obekufundiswa (Informal Assessment)
Uma umfundi ezimakele kumbe bemakelene, uthisha akasayine ukukhombisa ukuthi ubhekile ukuthi kumakwe ngendlela yini
Emsebenzini emide njenge-eseyi, uthisha anganika abafundi umsebenzi kuleyo ngxenye abegxile kuyo ngesikhathi ethula isifundo. isib.
Isingeniso sendaba
12
Isamba 105 31 imisebenzi 23 imisebenzi 31 20 imisebenzi
semisebenzi Ithemu Imisebenzi imisebenzi
engahlelekile Ithemu 1 31
yoLimi Ithemu 2 23
Ithemu 3 31
Ithemu 4 20
Isamba 31 Kumele kube nemisebenzi engama-31 yokuLalela nokukhuluma eyanele 1 4 4 1 4 2 1 4 4 2 4 0
semisebenzi esikhathini esingamasonto angama-36 kumaThemu 1-4.
engahlelekile ● 1 Umsebenzi we-orali ngesonto
yokulalela ● 15 imisebenzi yokulalela nokukhuluma;
nokukhuluma ● 16 imisebenzi yokufunda kuzwakale; kanye
● nemisebenzi eyehlukahlukene yokukhuluma
● Qaphela: Ungaphindi osekwenziwe.
Khombisa iphesenti % lokufundiwe kwikharikhulamu
13
Isamba 11 Kufanele kube nemisebenzi engahlelekile eyi-11 yemibhalo esikhathini 1 1 1 1 1 1 1 1 1 1 1 0
semisebenzi esingamasonto angama-36 kumaThemu 1-4.
engahlelekile
yemibhalo ● Ingxenye Yoku-1 yonyaka:
o Izinkondlo
o Izinganekwane
o Inoveli
● Ingxenye Yesi-2 yonyaka:
o Izinkondlo
o Izindaba ezimfushane
o Umdlalo
● Ekufundeni okwengeziwe kumele kube nekhadi
lokufunda elinquma inani lamakhasi okumele lifundwe
abafundi ngosuku nebanga.
● (Umsebenzi wasekhaya ukugxilisa isiko lokufunda).
o Ibanga 4 – amakhasi 7-10;
o Ibanga 5 – amakhasi 10-12;
o Ibanga 6 – amakhasi 12-15.
14
Isamba 16 Kufanele kube nemisebenzi engahlelekile eyi-16 yokubhala esikhathini 1 2 2 1 2 0 1 2 2 1 2 0
semisebenzi esingamasonto angama-36 kumaThemu 1-4.
engahlelekile
yokubhala ● 1 I-eseyi kuThemu 1, 2 no 4 (Kusho ukuthi mathathu)
● 1 indaba noma inkondlo noma idokhumentari kuThemu
3
● Lena eminye imisebenzi yonke idlulisa imiyalezo.
● 12 Imibhalo edlulisa imiyalezo ehlukene kumele
ifundiswe.
(gwema ukuphindaphinda).
● Yonke imisebenzi engahlelekile kumele ibe nobufakazi
benqubo yokubhala Kanye nomkhiqizo wokugcina.
Khombisa iphesenti % lokufundiwe kwikharikhulamu
15
9. UHLELO LOKUHLOLA (Programme of Assessment)
Akuvumelekile ukuthi uthisha azakhele olwakhe uHlelo kokuHlola oluphambene nalolu oluseHlelweni lokuFundisa
Uma kwenzeka nabazali banganikwa ukuze bazazi izinsuku abantwana babo abazohlolwa ngazo
Kumele lunikwe i-DH ukuze luhlanganiswe nolwabanye othisha bese kuphuma uHlelo lokuHlola lwesikole sonke.
Ubude bemibhalo ekhiqhizwa uthisha, isib: isifundo sokuqondisisa, kanye nezokhiqizwa abafundi, isib: indaba ebhalwayo, abube
njengokwemiyalelo yohlelo Lokufundisa
Iziqephu kumbe izithombe ezicashunwe kweminye imithombo, kumele kuvele igama lomthombo ezicashunwe kuwo
Imiyalelo yabafundi ayicace bha, umfundi angabi nankinga yokuthi kufunekani kuye
Imibuzo ayibhekelele wonke amazinga okusebenza komqondo kubafundi (Cognitive Levels), njongoba kutshengisiwe kwiNqubomgomo
(isigaba 2.3.2)
16
Imaki elinikezwe umbuzo alilingane nesigqi sempendulo elindelekile
Iphepha lokuhlola kumele lihambisane nalokho okuzosetshiswa uma sekumakwa (imemorandamu noma amarubrikhi).
QAPHELA: Yonke imisebenzi yokuhlola kanye nalokho okusetshenziselwa ukumaka (amarubhrikhi kanye nememorandamu) kumele kutholakale
kwifayela kathisha
Ukumodereyitha kuyindlela yokubheka ukuthi ngabe benziwe yini ubulunguswa ekuhlolweni kwabafundi.
Kwenziwa i-HOD kumbe lowo ojutshwe yiyo, okungaba uthisha ongungoti esifundweni
17
12. UHLU LWAMAMAKI
Uhlu lwamamaki abafundi luyirekhodi eligciniwe elinikezaisithombe sokuthi abafundi benze kanjani ekuhlolweni kwabo.
a. Yonke imisebenzi yokuhlola okuhleliwe (formal assessment) kumele ivele kuhlu lwamamaki.
b. Uhlu lwamamaki abafundi aluhlaziye indlela abafundi abenze ngayo kumsebenzi ngamunye
a. Abafundi
b. Abazali
d. UMnyango WezeMfundo
Kunezimo lapho uthisha kufanele enze okungaphezulu kwalokho okwejwayelekile. Lokhu ukwenza ngenhloso yokubhekana nenkinga engamenza
angakwazi ukuqeda isilabhasi ekupheleni konyaka; kumbe engadala ukuthi abafundi bangaphumeleli kufike ezingeni elifanele.
18
Nazi izimo ezingaphoqa uthisha ukuthi enze okungaphezulu kokwejwayelekile:
14 IZINCWADI (Textbooks)
Izincwadi ziyizinsizakufunda ezibalulekile ngoba ziqukethe imisebenzi yokuzilolonga eyenziwa abafundi. Nakuba kunjalo akufanele zithathe indawo
yeNqubomgomo. Akumele uthisha agcine esegxile encwadini kuphela uma efundisa noma ehlola.
19
14.1 Isigaba esiPhakathi (Intermediate Phase)
14.1.1 Incwadi yomfundi (Learner book)
Lena yile ncwadi ebuye imizwe nge- LB. Lena incwadi efundisayo iphinde inikeze imisebenzi yokuhlola ukuthi ebikufundisa kuzwakele yini.
Yingakho ibuye yaziwe ngokuthi yi -manual. Uthisha kumele angakhohlwa ukuthi naye uwungoti wesifundo asifundisayo. Akangagcini
esevale amahlo esefundiselwa yincwadi. Uthisha akakhumbule ukuthi incwadi yelekelela ukufunda nokufundisa, yingakho ibizwa nge -
Learning and Teaching Support Material (LTSM)
20
14.2.2.4 Imidlalo kanye
14.2.2.5 nezinganekwane
QAPHELA Uma umfundi engenayo iNcwadi yokuFunda nanye nenovelana, kunengozi yokuthi
adlulele se-FET engakaze ayibone nhlobo imibhalo yobuciko.
Kungumsebenzi kathisha esizwa yiNhloko yomNyango (DH) ukuqikelela ukuthi bonke abafundi banazo zonke izinhlobo zezincwadi
ezimiselwe ukufunda.
Isikole kumele sibe nohlelo lokuqoqa izincwadi kubafundi ekupheleni konyaka ukuze zisetshenziswe abafundi abalandelayo
Abafundi banganikwa futhi ezinye izincwadi abangazifundela ukuzijabulusa kumbe ukusabalalisa ulwazi lwabo, kodwa bangahlolwa
ngazo.
Uthisha yena akangazibophezeli encwadini eyodwa, kepha akafunde amaqoqo ahlukene, eqinisweni naye uyincwadi uqobo ngoba
uqeqeshelwe ukuba abe wungoti wokufundisa isiZulu.
21
22
AMALUNGISELELO ESIFUNDO- UMJIKELEZO WAMASONTO AMABILI
IBANGA: ISIFUNDO: ILEVELI:
AMASONTO: INGQIKITHI: USUKU---------- KUYA--------------
UBUDE BESIKHATHI
AMAHORA AMA-2 AMAHORA AMA-5 AMAHORA AMA-4 IHORA ELI-1
IZINSIZA KUFUNDISA
OKUZOFUNDISWA
IZIHLOKO
OKUZOKWENZIWA
UTHISHA
OKUZOKWENZIWA
ABAFUNDI
UKUDIDIYELA
IZAKHIWO NEZIMISO
ZOLIMI
UKUHLOLA
IZINHLOBO
ZABAFUNDI
EZIHLUKENE
UKUZIHLOLA
KUKATHISHA
ISIGNESHA KATHISHA -------------------- USUKU:------------------------- ISIGNESHA YENHLOKO YOMNYANGO :----------------------------------- USUKU :------------
ISITEMBU SESIKOLE
24
UHLELO LOKUBUYISA ISIKHATHI ESILAHLEKILE (RECOVERY PLAN)
25
UHLELO LOKUSIZA ABAFUNDI ABANEZINGQINAMBA (REMEDIAL PLAN)
INGQINAMBA
IKHONO LOLIMI OKUZOKWENZIWA USUKU LOKUQEDA
EBONAKELE
26
UHLELO LOKUTHUTHUKISA ISIFUNDO (SUBJECT IMPROVEMENT PLAN)
OKUMELE
IKHONO LOLIMI OKUZOKWENZIWA USUKU LOKUQEDA
KUTHUTHUKISWE
27