GRADE 11 ZULU LOCKDOWN 14 August

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 11

1

CENTENARY SECONDARY SCHOOL

DEPARTMENT OF LANGUAGES

ISIZULU FIRST ADDITIONAL LANGUAGE

GRADE 11 LOCKDOWN RECOVERY WORK DATE: 10/08/2020- 14/08/2020

Izindlela Zesenzo (Moods of a Verb)

Ziyi-7 izindlela zesenzo esiZulwini. Isilandiso siyaye sishintshwe imiqondo sifakwe izinsizasenzo, izihlanganiso
kanye nezingasenzo ezithile:

1. Indlela eqondile (Indicative Mood)

2. Indlela esabizo (Substantive Mood)

3. Indlela ephoqayo (Imperative Mood)

4. Indlela yamandla (Potential Mood)

5. Indlela encikile (Subjunctive Mood)

6. Indlela yesimo (Situative Mood)

7. Indlela yenhloso (Contingent Mood)

1. Indlela Eqondile (Indicative Mood)

Isilandiso esikule ndlela siba sinye emshweni, sizimele, noma ngabe isenzo noma isibanjalo kodwa
siyazimela. Lapha sizoqhubeka nezenzo kuphela siziyeke okwamanje izibanjalo.

Umama uyapheka.

Umama usapheka.

Umama usephekile.

Umama akaphekile.

Umama uzopheka.

2. Indlela Esabizo (Infinitive Mood)

1
2

Isenzo esisendleleni esabizo siqala ngo uku- oyisiqalo sebizo lesigaba 15.

Ukupheka yinto ethokozelwa ngomama.

Amanye amantombazane awakuthandi ukupheka.

Ukungapheki kukhuthaza ukudla ukudla okusheshiswayo.

3. Indlela Ephoqayo (Imperative Mood)

Isenzo esisendleleni ephoqayo asinaso isivumelwano senhloko njengokujwayelekile kodwa sona


simane sisho okumele noma okuphoqeleke ukuthi kwenzeke. Uma kukhulunywa nabantu
abangaphezu koyedwa isenzo sijotshelelwa u-ni. Uma sesiveza umqondo wokuphika uyasibona
isivumelwano sehloko.

Pheka manje selishonile ilanga.

Umama uthi phekani.

Ungapheki namuhla sizodla izoso.

Kuthiwe ningapheki.

4. Indlela Yamandla (Potential Mood)

Isenzo esisendleleni yamandla sibonakala ngesakhi u-nga- uma kuwukuvuma kanye nesakhi u-nge-

uma kuwukuphika.

Ungapheka manje sengilambile.

Ungepheke ngoba akekho ozodla.

Bangapheka sidle size sikuphathe.

Singepheke uma ugesi ungekho.

5. Indlela Encikile (Subjunctive Mood)

Isenzo esisendleleni encikile asikwazi ukuzimela emshweni, siyaye siding izihlanganiso ezithile,
izingasenzo ezithile, izinsizasenzo ezithile kanye nezenzo ezithile ukuze sibe nomqondo emshweni.
Sigcina ngo-e isenzo esisendleleni encikile.

Ake sibonisane ngalolu daba ( U ake usebenze waba yinsizasenzo eyenze isenzo sibe nomqondo

2
3

ophelele). Ezinye izinsizasenzo u a-, ma-

Izingane zivuka zigeze zidle ziye esikoleni. (Isenzo zivuka yisenzo esilekelele izenzo ezintathu zibe
nomqondo emshweni).

Ngifuna ukuba sisheshe silale namuhla. (Isihlanganiso ukuba usebenze ukulekelela izenzo ezimbili
zibe nomqondo) Noma yisiphi ishlanganiso esiqala ngo uku- zilekelela izenzo ezisendleleni encikile
zibe nomqondo; ukuze, ukuthi, njll.

Bavele bamhleke uma ebaxoxela leya ndaba.

Izingasenzo vele, mane, hleze zisebenza nesenzo esisendleleni encikile.

6. Indlela Yesimo (Situative Mood)

Isenzo esisendlelei yesimo naso asikwazi ukuzimela emshweni, naso sidinga, izingasenzo,
izihlanganiso kanye nezinye izenzo ukuba zibe nomqondo emshweni. Siqala ngo e-

Bade behleka ubala nje angibazi badleni.

Ezinye izingasenzo ezisebenza nesenzo esisendleleni yesimo; lokhu, de.

Umtshele angibone uma efika.

Ezinye izihlanganiso ezisebenza nesenzo esisendleleni yesimo; nxa, noma, yize, nakuba, yingakho.

Zihamba zidlala izingane zithunyiwe.

Ufunda esebenza.

Ziningi izenzo ezikwazi ukusebenza nesenzo esisendleleni yesimo.

7. Indlela Yenhloso (Contingent Mood)

Isenzo esisendleleni yenhloso siveza umqondo wento obekuhlosiwe ukuthi yenzeke, yangenzeka.

Ubezobuya kusasa, aphelile amathikithi okugibela.

Bebezoshada baxabana kwaphela kanjalo.

Bezizobhala izivivinyo, kwavalwa izikole.

Umsebenzi

Gagula indlela yesenzo esebenze kulezi zenzo ezibhalwe ngokugqamile

3
4

a) Uma bengacabangelana abantu kungahamba kahle konke.

b) Ningayenzi into engingayishongo.

c) Mtshele ukuthi d) akafike manje.

e) Izingane zakhe zifunda amabanga aphansi.

f) Ubhema noma ekhwehlela uyise.

g) Ulokhu engibuza into eyodwa.

h) Uyathanda ukufunda amanoveli amade.

i) Besizohlala ithutshana yafika ngokushesha imoto.

j) Ungasondeli kulolu hlanya funa luthukuthele lukulimaze.

4
5

5
6

6
7

7
8

IZINKATHI ZESENZO

1.Inkathi Yamanje (Present Tense)


Isenzo esisenkathini yamanje sibonakala ngokugcina ngo-a ngaphandle kwalezi ezintathu
ezibizwa ngokuthi izenzo eziphundulekile.Phela kuthiwa ziphundulekile ngoba azigcini ngo-a.
Lezi u- azi, sho, thi.
Okunye futhi ngalezi zenzo ezisenkathini yamanje ziveza umqondo wokwenzeka manje.

Thina siyazi ukuthi lolu khuvethe luyingozi kunoma wubani.


Izisebenzi zithi ngeke zilubhade namuhla.
Usho uma ususukile.
Abazali bondla abantwana babo.

2. Inkathi Esandakudlula (Past Tense)


Isenzo esisenkathini esandakudlula sigcina ngo-e noma ngo-ile.
Umqondo ovezwa yilesi senzo, umqondo wento esandakudlula noma esandakwenzeka.

Abafundi banikwe umsebenzi wasekhaya.


Izikole zihlelelwe ukuba zivalwe ngoZibandlela.
Uhulumeni ubonile ukuthi izikole zivalwe.

3. Inkathi Eyadlula (Remote Past Tense)


Isenzo esisenkathini eyadlula sigcina ngo-a ngaphandle kwalezo eziphundulekile.
Umqondo ovezwa yilezi zenzo umqondo wento eyenzeka noma eyadlula.

Umama washo kudala ukuthi angishintshe abangani.


Lowo mfula wagcwala ngozamcolo.
Thina sasazi ukuthi zogcina zivaliwe izikole ngenxa yokhuvethe.
Bagibela ibhasi mhla bebuyela eGoli.

4. Inkathi Ezayo (Future Tense)


Isenzo esisenkathini ezayo sibonakala ngezakhi ezimbili:
a) Isakhi –zo- esiveza umqondo wento ezokwenzeka noma ezofika.
b) Isakhi –yo- esiveza umqondo wento eyokwenzeka noma eyofika.

Siyobona uma sekwenzeka.

Azohlala obala wonke amaqiniso.


Yena uzofunda uma ezimisela.
Amabanga aphansi ayobuya ezikoleni mhla zingama-24 kuNcwaba.

Umsebenzi
Bhala umqondo ovezwa yisakhi esidwetshelwe kule misho elandelayo
a)Ngiyolithenga esitolo seSulumane.
b) Ukhale ngezingane zakhe ngeskhathi esegula kakhulu.
c) Isiguli simbonile udokotela.

8
9

d) Akazi ukuthi enze njani.


e) Angimbonanga esehamba.
f) Siyafunda nakuba isimo sinjena.
g) Umama uyapheka.
h) Ngisamthanda nakuba engenze into embi.

Izakhi /Izinsizasenzo Ezibalulekile


Ngiyambona ( umqondo wento eqhubekayo ukwenzeka).
Umfana udlala ibhola (isivumelwano senhloko).
Ngizofika sesingenile isikole ( umqondo wento esiqalile futhi eqhubekayo
ukwenzeka)
Angidlanga i) Umqondo wokulandula.
ii) Umqondo wokulandula
Abazali basanezinhlelo ngezingane zabo.(Umqondo wento esaqhubeka ukwenzeka).

Omqondofana (Synonyms)
IsiZulu sinamagama amaningi asetshenziswayo, amanye aze asho into eyodwa emaningi,
yikho ebizwa ngomqondofana.

Izibonelo:

Ithuna> idlinza , ingcwaba

Usuku> ilanga

Ihlazo> ihlazo

Umsebenzi

Bhala elinye igama elisho okufanayo naleli elidwetshelwe

a) Unina ubelethile uthole amakhosi.

b) Umbhambabule ngomshiza umzimba wonke.

c) UThemba ungumaqala kwabo.

d) Bashone ngengozi yokushawa umbani izulu liduma.

e) Lowo isithutha ngempela ubengaze asho kanjalo.

f) Inja ayivumelekile ukuhlala endlini ngokwesintu.

g) Uhlulwe wukukhipha ixoxo endlini waze wakhala.

9
10

h) Bamphuzise iyambazi ekuseni.

Omabizwafane

Ulimi lwesiZulu lunothe ngale ndlela yokuthi amanye amagama ayaye athi lilinye libe
lisho izinto ezingefani.

Izibonelo:

Isonto> Indlu yokukhonzela

Isonto> Izinsuku eziyisikhombisa ezakha iviki.

Inyanga> Umuntu owelapha ngamakhambi esintu.

Inyanga> Izinsuku ezingaba kusukela kwezingama-28 kuya kwezingama-31 ezibizwa


ngenyanga.

Umsebenzi

Bhala imisho emibili ngegama ngalinye kuvele izincazelo ezahlukene

a) Biza

b) Ibala

c) Amathe

d) Indlala

e) Umbala

Omqondophika (Antonyms)
Kunamagama esiZulwini ahlale njalo enegama elinomqondo eliwuphikisayo njengoba
kwenzeka nakwezinye izilimi.
Izibonelo:
Hlala> sukuma
Khala> hleka
Okokuqala> okokugcina

Umsebenzi
Bhala amagama anomqondo ophikisanayo nalawa abhalwe ngokugqamile kule misho
elandelayo.
a) Ukubuthe ngokushesha ukudla kwakhe.
b) Isikole singena sekugamenxe ihora lesibili.

10
11

c) Isikhathi esiningi ngisichitha ngokubuka umabonakude.


d) Umntwana omubi olalelayo.
e) Thina sigqoka amajazi uma sekubanda.
f) Lowo mthwalo uyasinda ngike ngawubamba.
g) Uyagula ngoba ubukeka engemnandi nasemoyeni.

11

You might also like