IsiZulu HL P2 May June 2019
IsiZulu HL P2 May June 2019
IsiZulu HL P2 May June 2019
Visit us @ www.saexampapers.co.za
SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS/
NATIONAL SENIOR CERTIFICATE EXAMINATIONS
2019
AMAMAKI: 80
ISIQEPHU A: IZINKONDLO
IZINKONDLO EZIMISELWE – Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo
EMIBILI.
INKONDLO ENGAMISELWE – UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo.
ISIQEPHU C: UMDLALO
Phendula umbuzo OWODWA.
OKUQUKETHWE
Leli khasi liyokwelekelela ohlolwayo ukuba akhethe imibuzo azoyiphendula
ngaphandle kokufunda imibuzo yephepha lonke.
ISIQEPHU A: IZINKONDLO
Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI.
INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO
YEKHASI
1. 'Izibongo ZikaKufakwezwe' Umbuzo omude 10 6
2. 'Akasekho' Umbuzo omfushane 10 8
3. 'Imfihlo' Umbuzo omfushane 10 9
4. 'Ngibonga Ngiyanconcoza' Umbuzo omfushane 10 10
KANYE
Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo.
5. 'Nhliziyo Ungisaphi?' Umbuzo omfushane 10 11
QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma
ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo
omfushane ESIQESHINI C. Phendula umbuzo OWODWA ESIQESHINI B kanye
NOWODWA ESIQESHINI C.
ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO
INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli/kulobu buciko bomlomo.
6. Bengithi Lizokuna Umbuzo omude 25 12
7. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 25 12
8. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omude 25 14
9. Usumenyezelwe-ke Umcebo Umbuzo omfushane 25 14
10. Kunjalo-ke Umbuzo omude 25 16
11. Kunjalo-ke Umbuzo omfushane 25 16
12. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25 18
13. Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25 18
NOMA
UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kolobu buciko bomlomo obumiselwe.
14. Uju Lwezizukulwana Umbuzo omude 25 20
15. Uju Lwezizukulwana Umbuzo omfushane 25 20
ISIQEPHU C: UMDLALO
Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe.
16. Kudela Owaziyo Umbuzo omude 25 23
17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 25 23
18. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omude 25 25
19. Awuwelwa UMngeni Umbuzo omfushane 25 25
20. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25 27
21. Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25 27
QAPHELA: Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE
ESIQESHINI B kanye NASESIQESHINI C. Akuvumelekile ukuphendula imibuzo
EMIBILI emide noma EMIBILI emfushane.
ISIQEPHU A: IZINKONDLO
IZINKONDLO EZIMISELWE
Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine ebuziwe elandelayo.
UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE
Fundisisa le nkondlo bese uphendula umbuzo olandelayo.
IZIBONGO ZIKAKUFAKWEZWE – MSS Gcumisa
(Umnewethu inkosi yakwaGcumisa engasekho)
1 Ingqungqulu eyabhul' amaphiko
2 Phezu komuzi esangwen' eTsheni
3 Zonk' izinyoni zakhothamis' amakhanda.
4 Ngimthande ebagax' izinsimbi nanxa
5 Sebecel' intethelelo.
6 Ingulule egijime yeqa izintaba
7 Abesifazane nezingane bapheza
8 Ukulal' ezintabeni,
9 Kwanqamuka nengelezane
10 Yokugeleza kwegazi ezweni.
11 Ithole, elikaLubanjane, elikaSigobhe,
12 ElikaManyosi , elikaSalimani,
13 ElikaMahlomehlathini njengohlanya,
14 Elikhale phezu komfula uMqeku,
15 Kwakhuphuk' indlezane yakoMapholoba
16 Emalangeni yalilabalabela.
17 Kanti izoliphahlaza ngelinomantshu
18 Izolibhakela ngenselw' enodaka.
19 Indaba eyenziwe abafokazana nezinduna,
20 Inkosi abaze bayikhombisa inxeba,
21 Yathi iyalihlaba kanti isiyaphimpiliza.
22 Isibeka luphawu lwesibazi,
23 Esingaseyuphela sishabalale,
24 Kazi nxa amaliba angaqhibuka namuhla
25 Baphume oMbabal' egweb' igijima,
26 NoNomadlikidlikana bangathini?
27 Nxa sebeqhamuk' elab' izwe
28 Seliziduliduli okungath' ezemihlwa
29 Okuthunqa kuzo intuthu,
30 Lapho kwashabalala khona
31 Awabo amahlathi ayengashunqi ntuthu.
32 Ukufakwezwe abamethe igama kanti uzolilandela,
33 Bath' ukufakwezwe izwe life ngaye kungabi ndaba zalutho.
34 Umvuli wezicabh' esengaphakathi
35 Wakhab' onobhadul' esengaphakathi
36 Zivalwe amadod' amabili phesheya kweNgoje
37 Enye eyakwaMgwaz' eMthini emide,
38 Enye eyakwaLuthuli eMathulini.
39 UMadondolozela: ngentong' encane
40 Kwezakwabo ekhohlwa
41 Ngob' udondolozela ngomfowabo UMlindeli.
IMFIHLO – MH Mazibuko
3.1 Nikeza isifengqo esitholakala emgqeni wesi-3 uphinde unikeze incazelo yaso
ngokwenkondlo. (2)
5.4 Iyini inhloso yembongi yokukhetha igama uMdali kule nkondlo? (2)
AMAMAKI ESIQEPHU A: 30
'S'bu!' ememeza evula umnyango okwase kuvundle kuwo isidudla kubonakala nje
ukuthi kasifuni nakancane ukuba bangene. Emva komzuzwana waqhamuka uS'bu,
ephephuka naye. Badamuka ngomzuzwana utshwala esebona uNdumiso noZakithi.
'Zakithi, konje bengithe fika noNdu …?' ebuza eyenda ebanjwa ithwabi elixutshwe
nokushaywa uvalo. 5
Akaligwinyanga lelo, kwase kuwubusantusantu emnyango, isidudla sesisho ukumqeda
uZakithi. Akazithambisanga uZakithi, watibila bandla, wazama ukusishaya isidudla,
kwaqathaka ithawulana elalibhinciwe, kasaba nandaba isidudla sansondo,
sabhushuzela, saphephuka phezu kwakhe, samdonsa ngamasingili ayeweluke
ekhanda, samndondonya, samndondonya. 10
'Uyifunani indoda yami? Uyifunani indoda yami?' sibuza simnikinikiza.
'Kahle phela Nomthi, musa ukushaya ingane yabantu ingenze lu …' kuncenga uS'bu
ephephuka naye ezama ukulamula. Wabona uNdumiso ukuthi kayingangaye,
wakhumbula izinsizi zakhe, wacabanga amaphoyisa qede wahlaba ngejubane
eseqonde emotweni yakhe. 15
Wabashiya kanjalo belwa, esalokhu esincenge njalo uS'bu isidudla ukuba sixolele
uZakithi, esaba nokho ukusondela asibambe ngenxa yokulwazi ulaka nesibhaxu saso.
Sagcina simyekile nokho uZakithi, wavuka eseluthuqasana, amasingili esezilengela nje,
izibuko zelanga sezifahlazekile, endlebeni sekusele icici elilodwa, izinzipho zokufakelwa
seziqathakile zagcwala igceke, sekuklebhuke nokuyisiketshana, isithende sexhumela 20
elilodwa sesiphukile, eseziphethe ngesandla izicathulo.
ISIQESHANA B
9.7 Qhathanisa izenzo zikaDaffo kanye noMaHadebe eziveza uthando lwemali. (3)
KUNJALO-KE – MJ Wanda
KUNJALO-KE – MJ Wanda
ISIQESHANA C
'Uliqanjwe nguDumazile. Ugange kabi yena, usekwazi ukuqamba ingane naye ebe
eyingane!'
'Lolu hlobo lwegama alwandile lapha ezansi. Ungumhlobo muni yena uthisha?' 30
'Sengathi ungumSuthu. Ehhe.'
'O, kusho ukuthi yilaba bakaMshweshwe! Cisho impela. Hhayi-ke akulutho phela
ngoba nabo ngabantu. Umzukulu sengiyomkhunga kusasa.'
AMAMAKI ESIQEPHU B: 25
NOMA
UBUCIKO BOMLOMO
ISIQESHANA E
Umxoxi: Kwesukasukela …
Abalaleli: Cosu!
15.2 Chaza kafushane izinto EZIMBILI ezenziwa yimpisi ezibonisa ukuthi inomona
nokudla. Bhekisa impendulo yakho kulesi siqephu. (2)
KANYE
IHUBO: SENZENI?
Igosa: Senzeni na?
Abavumayo: Senzeni na? Senzeni na?
15.8 Nikeza ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho nohlobo lwakho. (2)
15.9 Chaza kafushane ukuthi ihubo elithi, 'Senzeni' lixhumana kanjani nezibongo
zesiqhingi sase-Robben Island. (2)
15.10 Chaza isizathu sokungathekisa isiqhingi saseRobben Island ngonondlini. (3)
15.11 Phawula ngokusetshenziswa kwesisho esibhalwe ngamagama agqamile
kulezi zibongo. (3)
[25]
AMAMAKI ESIQEPHU B: 25
ISIQEPHU C: UMDLALO
Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile.
UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE
KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo
Xoxa ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni udweshu kuze kuyofika
kuvuthondaba kulo mdlalo othi, Kudela Owaziyo.
Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya
kwangama-390.
Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:
Ukwethula nokuchaza izinhlobo zodweshu.
Ukuphendula umbuzo ngokuphawula ngempumelelo yombhali ekubhebhethekiseni
udweshu kanye nokucaphuna nokwesekela ngokwencwadi.
Ukuveza uvo lwakho.
(Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25]
19.1 Sizathu sini esenza uSalimani enqabe ukukhipha amabutho akhe ngaphandle
kwenkantolo? (2)
19.6 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa indikimba yezombangazwe kulo mdalo? (2)
ISIQESHANA J
AMAMAKI ESIQEPHU C: 25
AMAMAKI ESEWONKE: 80